Wednesday, July 8, 2015

Imbali kaBulawayo!

Indabuko Yakho From my Facebook correspondents)
 
 
 
 
 
Kithi kwaBulawayo ::
Umuzi wakwaBulawayo wakhiwa yinkosi uLobhengula kaMzilikazi ngemuva
kokudla kwayo umhlanganiso empini yaseNgazini . Empeleni uLobhengula... wamaWaba wawuguqula igama . Ngaphambi kokuba ubizwe ngoBulawayo wawubizwa ngokuthi ikwaGibixhegu. Impi yaseNgazini yayiphakathi kukaMbiko kaMadlenya wakwaMasuku nenkosi uLobhengula wamaWaba . AbaNtwana oLobhengula , Nkulumana , Qalingana , Hlangabeza nabanye babehlala khona esigodlweni ikwaGibixhegu . Lowo muzi wakwaGibixhegu wawakhiwe nguGundanekumitha kaNdlovu wakwaNdiweni ngenkathi i'Ndlovu emnyama yakithi eNdinaneni' isadukile. Ngenkathi kuduke inkosi uMzilikazi izinduna oGundane , oMhabahaba ,oNtshumane zabeka uMntwana uNkulumana esihlalweni sobukhosi . Kuthiwa yathukuthela yathelwa ngamanzi into kaMashobane ngenkathi ithola uNkulumana esebusa. Yakhipha umyalelo othi kubulawe zonke izinduna ezazithinteka ekubekweni kukaNkulumana. Ayigcinanga lapho-yashisa nomuzi waseGxibixhegu owawakhiwe nguGundanekumitha -yazekhela eminye iimizi ,yakha owaseMhlahlandlela ,OJingeni, eMncwazini ,eMahlokohlokweni ,eMaDibeni neminye.
ULobhengula wayewuthanda umuzi waseGibixhegu. Ngenkathi ethabatha ubukhosi wabuye wawuvusa umuzi waseGibixhegu . Lowo muzi wawakhelwe eduze nentaba iNyoka ingakho wawubuye waziwe ngokuthi kuseNyokeni. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi uLobhengula wawuthutha wayowakha endaweni yaseMahlabathini lapho osekwakhiwe khona iskole sabamanga aphezulu iNorth Lea High School. (kwaBulawayo,eZimbabwe) . Ngemva kwempi yaseNgazini uLobhengula wamaWaba wawushintsha igama wawuqamba eelisha elithi ikwaBulawayo ngoba wayethi usengobulawayo . Isigodlo
saseNyokeni namuhla saziwa ngokuthi i'Old Bulawayo' ..ikwaBulawayo yona-ke sekuyidilobha . Kuthiwa wawakhiwe kahle umuzi wakwaBulawayo,ufulelwe kahle . Ngemva kokunqotshwa kwesizwe sikaMthwakazi sinqotshwa amabhunu- inkosi uLobhengula yayelela induna yakwaBulawayo uSivalo kaMvaleleni Mahlangu ukuba awuthungele ngomlilo. Nempela wawushisa uSivalo .
Ngiyema lapho beNguni abahle
Sengigadle zephuka kwezemilando bakwethu ake ngithathe ikhefu. Ngoze ngibuye ngonyaka ozayo . Ukuhlehla kwenqama akusikhona ukubaleka isuke isayothola amandla.
Ngidlulisa okukhulu ukubonga kulamaqhawe alandelayo
Kumshana uMpilo ngithi ,Mtimande,Masango makhulu..wena waseMfihlweni
KuArnold Mayinongwe Nkala ngithi Mlotshwa , Sitsha esihle sobuhlalu. Vumisa Mphanjane ,Nyawo zimansense
Dingindlela Dube ,Mbuyazi akathekeli kubafokazana , wena owajama ngomkhonto emaDubeni. Khushwayo
Bongani Sithole ,wena waseGubazi , wena kaNomankovunkovu wakithi eQhudeni, Nkonyane yenkosi . Mondise
Sbu Langa ngithi wena kaShiyabantu ,Mdlaka kaSodumase Mgwazi wabathi Amen eSandlwane
Mzie Mkhize wena waseSimahleni ,Sibiside esimaphandla eaaphandla ebeNguni bavungama Mumbo omhlophe
Namanye amaqhawe engingawabalanga
BeNguni nibahle nonke
‪#‎INtungwa‬ lasenhla kwaSokhumalo

No comments: